Ugwetshwe iminyaka emihlanu owababa inkunzi ngesibhamu sokudlala
2017-11-14 12:31
eMpangeni - UPhumlani Khumalo,19, ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngamacala amabili okuphanga, kubika iZululand Observer.
Khumalo wagebenga isitolo sakwa-Huletts Convenient eMpangeni ngesibhamu zokudlala wabaleka no-R1 500,
Lo mlisa wasiphinda futhi lesi sitolo ngoJanuwari kodwa kulokhu, isisebenzi sasesitolo samubona samemeza abantu ukuba bamvimbe.
OLUNYE UDABA: Uvelile owesimame osolwa ngokubulala abafana ababili eThekwini
Amalungu omphakathi amjahe amubamba nokuyilapho aboshwe khona.
UKhumalo wavela enkantolo yesiFunda eMpangeni nokuyilapho agwetshwe khona futhi inkantolo yamyalela ukuthi angeke akwazi ukutholakala enesibhamu.
- News24