Ugwetshwe emine owazama ukuqola uPistorius

2016-11-02 12:29

Pretoria – Indoda eyatshela u-Oscar Pistorius ukuthi ingalishabalalisa icala lokubulala ayebhekene nalo igwetshwe iminyaka emine ejele ngelenkohlakalo, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesithathu.

UTshifhiwa Radzhadzhi, 33, wazenza umshushisi weNational Prosecuting Authority (NPA) njengoba kuthiwa wayefuna imali engu-R250 000 kowayengumsubathi wakuleli, ngoMashi.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke ukuba avele owazama ukuqola owayengumsubathi wakuleli

OKlebe basungula ithimba elizobhekelela lolu daba.

Le ndoda yaboshwa isiyamukela idiphozi yemali engu-R40 000 eduzane naseNkantolo eNkulu yaseGauteng ePitoli.

NgoMsombuluko iNkantolo yamaCala aphathelene nezeziMali ibe isigweba uRadzhadzhi iminyaka emine ngemuva kokulahlwa yicala lenkohlakalo, kusho okhululema amaphoyisa ophiko loKlebe uLieutenant-Colonel Netshiunda.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...