Ugwetshiwe umlisa obezitika ngendodakazi

2017-04-21 16:01

Durban – Ugixabezwe ngodilikajele ababili owesilisa, 55, waseMvozane, KwaDukuza, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngecala lokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe eneminyaka engu-9 ubudala.

INkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo igixabeze lo wesilisa odilikajele ababili neminyaka emihlanu ngaphezulu, kubika ILANGA.

Lo wesilisa esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela indodakazi yakhe, kuthiwa umsolwa wadlwengula indodakazi ngo-2015.

Ngokwamaphepha asenkantolo kuthiwa umfowabo sisulu wasizwa sikhala wase elunguza ngefasitela okuyilapho abona khona uyise enukubeza udadewabo omncane.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ubaba owaphendula indodakazi isigqila socansi

Uthi umfowabo wesisulu akapholisanga maseko wahlaba umkhosi kwabe sekubikelwa amaphoyisa ngesigameko, zamkhalela.

Kubikwa ukuthi kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa KwaMaphumulo. Icala labe selidluliselwa KwaDukuza Family Violence, Child Protection neSexual Offences Unit ukuba iqhube uphenyo.

Amaphepha asenkantolo aveza ukuthi ngesikhathi kuqhutshwa uphenyo kuvele ukuthi le ngane yake yadlwengulwa nguyise ngo-2010, kanti wayeyisongela ngokuyibulala uma itshela abantu ukuthi uyenzani.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor-General Langa uhalalisele ithimba laKwaDukuza FCS ngomsebenzi omuhle eliwenzile oholele ekutheni ummangalelwa alahlwe yicala bese eyagwetshwa.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...