Ugwetshiwe umama waseThekwini ngokuqamba amanga ngokuthunjwa kosana lwakhe

2018-01-24 15:59

Durban - Owesifazane owaqamba amanga ngokuthunjwa kosana lwakhe olwalunenyanga luzelwe esigamekweni esenziwa sengathi wayedunwa imoto, ugwetshwe iminyaka emihlanu yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu.

Lo wesifazane, igama lakhe engeke likhishwe ukuvikela umntwana, uvumelekile ukuba asidonsele ngaphandle isigwebo sakhe uma esehlale izinyanga eziyishumi ejele, kutshelwe inkantolo.

NgoLwesibili, iNews24 ibike ukuthi lolu sana, oselunezinyanga ezingu-11 luzelwe manje, lwagcinwa endaweni ephephile ngemuva kokuboshwa kukamama walo ngoMashi 2017.

Nokho kwathi ngoDisemba iNkantolo yeziNgane yayalela ukuba le ngane ibuyiselwe kunina.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa achibiyela iqiniso kulandela ukutholakala kosana

Lo mama, owawavuma amacala ayebekwe wona okubalwa awenkohlakalo, ukuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho nokuqamba amanga, wayepake ngaphandle kwenxanxathela yezitolo eGreyville, eThekwini, ngesikhathi ehlaba umkhosi ethi "kuthunjwe" usana lwakhe.

Waba nezingxoxo nabezindaba abehlukene, okubalwa abamaphephandaba nomsakazo, encenga ukuthi lowo odune usana lwakhe ambuyisele lona ngaphandle kokulwenzakalisa.

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi wakuhlela ukuthunjwa kosana lwakhe, futhi empeleni ingane yayithathwe ngubaba wayo wangempela.

Lo mama wagonyuluka kosonhlalakahle ukuthi waphinga, kwathi ingane isizelwe umyeni wakhe kanye nomndeni baba nokusola ngoba ingane ingafani nabo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...