Ugwetshiwe ubaba obedlwengula indodakazi, 13, eKZN

2017-06-07 19:31

Durban – Igwetshwe udilikajele namuhla (ngoLwesithathu) indoda yaKwaZulu-Natal ngokudlwengula iphindelela indodakazi yayo, 13, eNdwedwe, kusho amaphoyisa.

INkantolo yesiFunda yaseVerulam igwebe indodan, 42, ngesigameko sokuhlukumeza esaqala ngo-2014, kusho uCaptain Nqobile Gwala.

Le ndoda yasabisa indodakazi ngokuyibulala uma ike yakhuluma ngesigameko. Yize kunjalo, yaze yanquma ukuthi ingabe isayigcina iyimfihlo le ndaba yatshela umama wayo ngo-2016.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe ubaba owadlwengula ingane ayizalayo

Kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseNdwedwe, idokodo ladluliselwe KwaDukuza Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Uniti.

NgoMsombuluko iNkantolo yesiFunda yaseMpangeni igwebe lo baba, 45, udilikahele ngelokudlwengula nokukhulelisa indodakazi, 11, yayo endala.

Amapjoyisa athe waqala ukuyidlwengula isaseneminyaka engu-8 ubudala.

Ngomhlaka-24 Juni 2016, le ntombazane yakhala ngesisu ubaba wayo wayihambisa emtholampilo wnedawo.

"Emtholampilo, kwatholakala ukuthi le ngane ikhulelwe," kusho uGwala.

Yatshela amanesi ukuthi uyise ubeyidlwengula kusukela ngo-2013. Yabeletha ngalolo suku, kodwa ingane yashona.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyise esifundazweni uMajor General Bheki Langa uthe, amadoda ahlukumezanayo awanandawo lapha.

"Sizoqinisekisa ukuthi bonke ababandakanyeka emacaleni okuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane bavalela isikhathi eside ejele," usho njalo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...