Ugwetshiwe owesifazane owabopha, walambisa izinja

2017-04-07 18:00

Durban – INkantolo kaMantshi eChatsworth igwebe owesifazane waseThekwini izinyanga ezingu-12 ebhadla ejele ngokubopha izinja zakhe ezintathu nangokuzilambisa.

Lona wesifazane umhlawulise ngo-R30 000 uma kungenjalo abhadle ejele izinyanga ezingu-12, kodwa isigwebo sakhe sizolengiswa iminyaka emihlanu, kulandela ukwephula umthetho ovikela izilwane i-Animal Protection Act, ngokwesitatimende seDurban and Coastal SPCA ngoLwesine.

I-SPCA ithe owesifazane uphinde wayalelwa ukuba angalinge afuye inja eminyakeni emihlanu elandelayo.

Okhulumela i-SPCA uLindsey Concer uthe lesi yisigwebo noma inhlawulo enkulu kunazo zonke esezake zakhishwa ngokuhlukunyezwa kwezilwane.

OLUNYE UDABA: Abantu abantu abayisithupha engozini eyenzeke eNanda

UConcer uthe ithole ubulungiswa inja esindile, uRoxy.

Izinja ezimbili kwezintathu zalona wesifazane zazisesimeni esimbi kakhulu ngesikhathi zitholwa abe-SPCA ngonyaka odlule, kwadingeka ukuba zibulawe.

“Zaziboshiwe zingenayo nendlu, amanzi nokudla, zihleli endaweni egcwele indle yazo,” kusho uConcer.

 - The Mercury

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...