Ugwetshiwe owayedayisela abasimame imbiza lokukhulelwe

2018-04-11 19:33

eGuinea -  Owesimame waseGuinea okuthiwa ubedayisela abesimame abangenayo inzalo amakhambi azobasiza bakhulelwe ugwetshwe iminyaka emihlanu.

Ngokubika kwe-IB Times, uN'na Fanta Camara, ongumelaphi wendabuko waqola abesimame abalinganiselwa ku-700 amaholo abo ngalawa makhambi.

UCamara wayenika abesimame imbiza eyayibakhukhumalisa izisu kube sengathi sebakhulelwe.

Le mbiza yakhe eyingxube yamakhambi ahlukahlukene ibiza $33.99.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa e-KZN adubula abulala 2 weziboshwa ezeqe ejele laseGoli

Kuthiwa balinganiselwa ku-47 abesimame abagula ngemuva kokuphuza lembiza.

"Abanye abantu besimame babekhukhumala izisu isikhathi esingangezinyanga ezingu-16. Umsolwa ebanika isiqiniseko sokuthi konke kuzolungu futhi abadingi ukuya kudokotela,"kusho umbiko.

IBBC ibika ukuthi uCamara utholakale enecala lokuqola kanye nokuzenza udokotela futhi uyalelwe ukuba akhokhe isinxephezelo sika-$165 00.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...