Ugwetshiwe owathola imali ezenza isisebenzi

2017-03-02 09:30

North West – Owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokweba imali engaphezu kuka-R100 000 ezenza omuntu okungeyena.

Lona wesilisa ulahlwe yicala yiNkantolo kaMantshi yaseZeerust ngoLwesithathu.

Esitatimendeni, oKlebe bathe uDaniel Johannes Horn waboshwa ngoJulayi 2009 ngokuzenza isisebenzi senye yezinkampani eseZeerust.

OLUNYE UDABA: Uyinqabile ibheyili osolwa ngokubulala umndeni eMlazi

Wakwazi ukuthola imali engu-R138 000, kusho oKlebe. 

Icala lahoxiswa okwesikhashana ngonyaka ka-2009. Waphinde waboshwa futhi ngo-2015 ku-Agasti ngalo loludaba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...