Ugwetshiwe owaseMondlo owadlwengula intombazane eyayikhulelwe

2017-11-15 19:06

eThekwini - NgoLwesibili iNkantolo yesiFunda yaseNquthu igwebe owesilisa olahlwe amacala okudlwengula nokugebenga.

UThabani Buthelezi, 20, ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokudlwengula kanye neminyaka engu-8 ngecala lokugebenga.

La macala enzeka ngoSepthemba 2013 lapho umsolwa abamba khona intombazane, 16, eyayihamba emgwaqeni wayihudulela ethoyilethi elalivulekile eyikhombe ngommese.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ulahlwe yicala lokudlwegula umzala wakhe

UButhelezi wadlwengula le ntombazane eyayinezinyanga ezintathu ikhulelwe ngaleso sikhathi wase eyiphuca umakhalekhukhwini wayo, kusho isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Le ntombazane yakwazi ukuphunyuka yaphuthuma emaphoyiseni iyobika ngalesi sigameko.

Leli cala elavulwa eMondlo ladluliselwa ophikweni oluphenya ngamacala okunukubeza ngokocansi eFilidi, umsolwa waboshwa kulandela uphenyo olube yimpumelelo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...