Ugwetshiwe owagwazwa wabulala owesilisa owayehamba nentombi

2017-09-01 11:01

Polokwane – Owesilisa waseLimpopo ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu yaseLimpopo ebihlezi eThohoyandou ngokugwazwa abulale umuntu ngakubo ngoJuni 2016, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA) ngoLwesine.

UNdivhuwo Mavetha, 26, waseTshikota Village ngaphandle kwaseLouis Trichardt, ulahlwe yicala lokubulala nelokushaya.

Ube esegwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokubulala kanye nonyaka owodwa ngaphezulu ngecala lokushaya. Izigwebo uzozidonsa kanye kanye.

UMavetha wamisa umufi, owayehamba nentombi yakhe ngasesitolo sendawo,  ngoJuni nyakenye. 

Umsolwa wafika ehlome ngommese, wangakhuluma lutho, wavele wagwaza umufi kanye ekhanda, kusho okhulumela iNPA uMashudu Malabi-Dzhangi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili ngokudayisa izincwadi zokushayela

"Umufi wopha kanzima, wazama nokubaleka. Umsolwa wamjaha kodwa isisulu samshiya.”

UMavetha uphinde walahlwa yicala lokushaya intombi kamufi, eyakwazi yona ukubaleka ngemuva kokushaywa ngumsolwa.

Ngemuva kokugwaza owesilisa, uMavetha wajaha owesifazane wamsabisa ngokumgwaza naye kodwa wakwazi ukuphunyuka, wayocasha emathuneni.

Umufi wayiswa emtholampilo wendawo ukuze ezothola ukwelashwa ngaphambi kokuba adluliselwe eLouis Trichardt Memorial Hospital, lapho ashonela khona ngokuhamba kwesikhathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...