Ugwetshiwe owadlwengula umshana wakhe eBlaauwbosch

2017-08-16 14:00

Madadeni - INkantolo yesiFunda yaseMadadeni igwebe owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala iminyaka engu-20 ebhadla ejele.

Lo mlisa ulahlwe yicala lokudlwengyla umshana wakhe owayeneminyaka engu-12 ubudala ngesikhathi sesigameko ngo-2014.

Imibiko ikhombisa ukuthi isisulu sabikela ugogo waso ukuthi sinukubezwe wumalume waso ekhaya lapho ababehlala khona eBlaauwbosch.

OLUNYE UDABA:Umalume wadlwengula umshana waze wamsulela nge-HIV

Ugogo wengane uyena owabikela amaphoyisa aphenya ngezigameko zodlame emndenini, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala ocansi eNewcastle.

Umsolwa wabanjwa ngemuva kwezinyanga ezimbalwa esifundazweni iMpumalanga nokuyilapho abalekela khona, kubika iNewcastle Advertiser.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...