Ugwetshiwe owadlwengula owesifazane okhulelwe

2016-02-25 11:30

Johannesburg – Owesilisa ongowokudabuka eLesotho ugwetshwe udlikajele ngecala lokudlwengula owesifazane ozithwele ngonyaka odlule, kusho umbiko.

URamokone Tsoeu, 23, ugwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseLadybrand ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Martin Xuma uthe uTsoeu wazenza umngani wesisulu, 22, wagcina esiphelezela sigoduka siya eLipelaneng, ngaseHobhouse, eFree State.    

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane owadlwengula umfana e-KZN

“Waphelezela isisulu waze wasibeka endaweni esingakwazi ukucela kuyo u-lift ogodukayo. Kuthiwa ummangalelwa wabe esehudulela lo wesifazane owayesengateta noma yinini ehlathini, wase eyamdlwengula,” esho.

Wathi eseqedile wambophela esihlahleni wase eyahamba.

Owesifazane wakwazi ukuzikhulula ebusuku, wafika ekhaya watshela umfowabo ngokumehlele.

UTsoeu waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...