Ugwetshiwe owadlwengula owayeyintombi yakhe

2017-08-12 10:00

Johannesburg - INkantolo yesiFunda yaseWillowvale ngoLwesihlanu, igwebe amadoda amabili ngokudlwengula intombazane, 16, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

"ULucky Jekeni, 19, ugwetshwe iminyaka engu-18 ejele. USoyiso Zali, 27, ugixabezwe ngodilikajele," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha.

OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe abathathu abalahlwe elokudlwengula

UManatha uthe ngomhlaka-9 Okthoba 2015 ngezithuba zabo-18:3 endaweni yaseJubisa, eNakazana Village, eWillowvale, le ntombazane yayi kubo ngesikhathi owayeyisoka layo uJekeni eyicela ukuba imuphelezele eya kubo. Le ntombazane yavuma.

Uthe uSivuyile Ndamane, 24, noZali, 27, babe kubo kaJekeni.

"Bobathathu badlwengula le ntombazane. UNdamane walivuma icala ngomhlaka-27 2016. Wagwetshwa iminyaka engu-12 ejele, walengiselwa iminyaka emine, iminyaka emihlanu. Laba abanye abasolwa baliphika icala," kusho uManatha.

 -  African News Agency

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...