Ugwetshiwe owabulala umyeni owayefuna idivosi

2017-02-10 18:01

Johannesburg - Ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadle ejele owesifazane namuhla ngecala lokubulala umyeni wakhe.

UConstable Mbuyiselo James Concoshi, 34, wabulawela embhedeni wakhe ngoJanuwari wangonyaka ophelile ngemuva kokuba inkosikai yakhe eneminyaka engu-40 ubudala uNomalanga Paulinah Concosi ithole ukuthi uhlela ukubonana nommeli wedivosi.

Okhulumela amaphopyisa ophiko loKlebe uCaptain Philani Nkwalase uthe ngokusho kwemininingwane evele eNkantolo eNkulu eVirginia, lezi zithandani bezinezinkinga emshadweni wazo.

OLUNYE UDABA: Uvelile unkosikazi obulale umyeni owayemhlalisa nentombi emzini wakhe

UNomalanga nnabesebenzisana nabo uPapiki Jack Mateise, 32, uBassie Ndude‚ 27‚ noKopano Samuel Mojanaga‚ 20‚  bahlula ngamandla uConcoshi bamuklinya waze washona.

Isidumbu sakhe basithatha ngemoto yakhe bebheke ku-M4, lapho abafika khona bamukhumula phakathi kwaseRiebeeckstad naseThabong.

UMateise ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala nokweba, uNdude wagwetshwa iminyaka engu-25 ejele.

UMojanaga wagixabezwa ngeminyaka engu-15 ebhadle ejele  ngemuva kokuvuma icala.

TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...