Ugwetshiwe owabulala umyeni efuna imali yempesheni

2017-10-04 16:01

Johannesburg – Owesifazane olahlwe yicala lokubulala umyeni wakhe ukuze ezothola imali yempesheni ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadle ejele.

Lo wesifazane ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesithathu.

UMkhombiseni Gcabashe, 59, watholwa emzini oseNaledi, eSoweto, elele embhedeni ngobusuku bangomhlaka-2 Julayi ngonyaka odlule. Wayenamanxeba okugwazwa emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Asiholi ngokwanele ukuba singabeka eyempesheni - OweDowns

Wahlonzwa ngabosizo lokuqala njengoshonile endaweni yesigameko, kusho okhulumela amaphoyisa aseNaledi, uThulani Mbambala, esitatimendeni.

Amaphoyisa athola esitatimendeni sikafakazi ukuthi unkosikazi kaGcabashe uThembisile Mdletshe, owayeneminyaka engu-49 ubudala ngaleso sikhathi, wahlela ukubulala umyeni wakhe ukuze ezothola imali yakhe yempesheni ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi.

UMdletshe waboshwa, wathweswa icala lokubulala, walahlwa yicala ngomhlaka-28 Septhemba.

"Akekho ongaphezu komthetho eNingizimu Afrika ngakho njengamaphoyisa sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ezweni uzizwa ephephile ngaso sonke isikhathi," kusho uMbambala amukela isigwebo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...