Ugwetshiwe owabulala umkakhe ngefosholo ngenxa yokuqoma

2016-10-20 07:03

Mbombela – Owesilisa owagqema umkakhe ngefosholo ngemuva kokumtshela ukuthi unenye indoda, ugwetshwe iminyaka engu-13 ebhadla ejele yiNkantolo eNkulu yaseNelspruit.

IJaji Zeenat Carelse ugwebe u-Erense Fanafana Mpangane, 30, ngoLwesibili.

“Ngenelisekile ngokuthi awuphikanga ukuthi wambulala umufi nokuthi walugcina uhlangothi lwakho lwesivumelwano noMbuso,” kusho uCarelse.

UMpangane, waseBhuikutso Trust ngaphandle kwaseBushbuckridge, zamkhalela ngoFebhuwari nonyaka ngemuva kokugqema uVivian Ntabiseng Monareng ngefosholo izikhawu ezintathu.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala umkakhe owayefuna idivosa

UMonareng walimala ekhanda nasemzimbeni.

Umfufi wayenza unyaka wesithathu e-University of Venda.

UMpangane wavuma ukubulala inkosikazi yakhe wathi lokhu wakwenza ethukuthele ngemuva kokuthi babe nengxabano.

“Ngathatha ifosholo ngaphula ngalo isicabha ngase ngingena endlini. Sabe sesiphinde siyaxabana futhi wangitshela ukuthi ukhulelwe ingane kepha isisu akusona esami,” esho.

Uthi waphinde wamtshela futhi ukuthi indodakazi yabo, 6, akuyona eyakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...