Ugwetshiwe owabulala owesimame ehostela lakwaMashu

2018-02-28 16:02

eThekwini - Owesilisa olahlwe yicala lokubulala umuntu ehostela lakwaMashu ugwetshwe iminyaka engu-26 ebhadla ejele.

Lo mlisa ugwetshwe iminyaka engu-13 yokubulala, engu-10 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nemithathu ngokutholakala nezinhlamvu.

Lo mlisa ugwetshwe yiNkantolo kaMantshi eNtuzuma ngecala lokubulala owesimame.

Kuthiwa ngomhlaka 26 Ephreli 2016 ngo-03.30, amaphoyisa akwaMashu aphuthuma ehostela lakwaMashu elisemgwaqeni uJabula eyohlola isimo ngecala lokubulala.

OLUNYE UDABA:Avelile amadodakazi abhekene nelokubulala uyise

Lapha amaphoyisa athola owesimame ogamalakhe nguNobuhle Msomi, 27, eshonile, enenxeba lokudutshulwa.

"Ngemuva kwenyanga amaphoyisa ephenya leli cala, amaphoyisa abamba umsolwa kulo leli hostela.

"Umsolwa watholakala nesibhamu esohlobo lwe-9mm kanye nezinhlamvu ezingu-15 okukholakala ukuthi yikona okwasetshenziswa ukubulala umufi,"kusho amaphoyisa ngesitatimende.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...