Ugwetshiwe owabulala owayemgcona ngokushona kukamfowabo

2017-02-10 09:30

eKapa - UMthuthezi Mfobo uvele eNkantolo yesiFunda yaseParow lapho imantshi imthole engafanelekile ukuphatha isibhamu.

UMfobo ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokubulala, kodwa ngoba walivuma icala futhi waxolisa emndenini kamufi kanye nasenkantolo ngendlela aziphatha ngayo, uMshushisi uBarry van der Berg uthe lesi sigwebo siqine kakhulu.

Ngesikhathi kuqulwa icala kuvele ukuthi uMfobo wezwa ukuthi umfowabo washona eminyakeni emibili eyadlula kodwa akekho owamtshela.

Ubufakazi buveze ukuthi umufi uChristopher Nkonyana wayejabule ngalokhu egcona uMfobo ngokuthi uzwe ngemuva kweminyaka emibili ngokushona kukamfowabo. 

UMfobo wazama ukukubekezelela lokhu kodwa wahluleka ukuzibamba ngesikhathi umufi engena ethaveni ethatha ubhiya wakhe ewuphuza.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umalugaju owayedonsa izingane ngamashibusi

“Ukube umufi akazange aziphathe ngendlela aziphatha ngayo, ngabe awukho lapha namuhla,” kusho imantshi itshela uMfobo.

Kusenjalo imantshi ithe umphakathi usukhathele wukwanda kodlame emphakathini abantu abangenacala bafa okwamaphela.

“Kodwa futhi ngeke sijezise uMfobo ngezono zabo bonke abenza okubi ngamabomu futhi kuyabonakala ukuthi ngeke aphinde akwenze okufanayo.”

UMfobo ugwetshwe iminyaka engu-15 walengiselwa emithathu, kubika i-African News Agency.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...