Ugwetshiwe owabulala intombi yakhe bexabana

2017-08-22 07:00

Johannesburg - INkantolo eNkulu yaseLimpopo ebihlezi eThohoyandou ngoMsombuluko, igixabeze uFhulufhedzani Memadzadza, 26, ngeminyaka engu-33 ebhadle ejele ngokubulala intombi yakhe ekuqaleni konyaka, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe isigameko sokubulala senzeka eduzane naseVuwani ngaphandle kwaseThohoyandou.

OLUNYE UDABA:Ubulale intombi ememeze igama le- 'ex' benza ucansi

"Umsolwa wabulala intombi yakhe uLikhuda Liladza Ndou, 18, ngobusuku bangomhlaka-22 Febhuwari kulo nyaka. Wayishaya ngensimbi waze wabulala ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwabo," kusho uNgoepe.

"Siyathemba ukuthi lesi sigwebo sizofundisa abanye isifundo, nabo babone ukuthi ubugebengu abubuyiseli."

Kwesinye isigameko esenzeke eKapa, kuboshwe indoda mayelana nesehlakalo sokudubula esenzeke eKensington, kwalimala intombazane eneminyaka engu-12 ubudala.

Le ngane ilimale ngemuva kokushaywa yinhlamvbu ephaphalazile esigamekweni esenzeke eFactreton ngeSonto.

Amaphoyisa athi le ndoda, 24, iboshwe ezintatha ngoMsombuluko.

Le ngane kuthiwa ilimale ngesikhathi kuqhubeka impi yezulu lezandla ngakubo yase ithelwa amachaphazelo.

 -  ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...