Ugwetshiwe owabulala intombi wayifaka ethoyilethi lomgodi

2017-02-22 12:32

kwaDukuza - INkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe owesilisa iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala intombi yakhe.

UZweli Ntaka, 38, wahlasela wabulala intombi yakhe uZanele Nxumalo owayeneminyaka engu-34 ubudala ngoJanuwari 2016.

Umzimba kaNxumalo watholakala ethoyilethi lomgodi umabokoboko endaweni yaseShakaville, eDoringkop.

OLUNYE UDABA:Umastende ushaye wabulala isiqashi esingalishayanga ithoyilethe

Lo mlisa waya emaphoyiseni akwaDukuza eyobika ngokulahleka kwentombi yakhe.

Abaseshi okuyibona ababephenya leli cala babephenya ngokulahleka komuntu kwaze kwaba wukuthi kutholakala isidumbu sikaNxumalo, icala labe seliguqulwa laba ngelokubulala.

Umsolwa waboshwa, icala lakhe laqulwa eNkantolo yakwaDukuza laze ladluliselwa eNkantolo yaseThekwini, lapho lafike lamlahla khona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...