Ugwetshiwe owabulala amadoda amabili kubangwa intombi

2017-06-07 18:00

Durban - Igwetshwe udilikajele nonyaka ngaphezulu ibhadle ejele indoda yaseThekwini ngokubulala amadoda amabili, okukholakala ukuthi eyodwa yawo ibijola nentombi yayo, kusho iNPA ngoLwesithathu.

USifiso Clifford Mthembu, 40, ugwetshwe eNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal eThekwini ngoLwesibili, kusho uNatasha Kara okhulumela iNational Prosecutinf Authority.

NgoFebhuwari 2015, intombi kaMthembu ibijola nenye indoda, u-Ayanda Khathi.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lisolwa ngokudubula intombi lase liyazibulala

Ngosuku lwesigameko sokubulal, uMthembu wayeseVerulam ngesikhathi eqala exabana nentombi yakhe.

Ngokucasuka, wahamba nemoto yentombi eyayineselula yayo phakathi, yitablet nemali engu-R1 000. UMthembu washayela ucingo uKhathi wamuphosa imibuzo mayelana nokuthandana kwakhe nentombi yakhe.

Akazange ayithole impendulo wase esebenzisa itablet ukuthumelela le ndoda umqhafazo. Wazenza intombi yakhe watshela uKhathi ukuthi uMthembu umshayile nokuthi udinga ukuhanjiswa ekhaya.

UKhathi wacela umfowabo ukuthi alande lo wesifazane. Umfowabo kaKhathi wabe esecela ukuphelezelwa wumngani beyolanda lo wesifazane.

"La madoda amabili ayengelwa endaweni eyihlane ebizwa ngokuthi yiseSand Pitt lapho umsolwa ababulalela khona, ecabanga ukuthi uKhathi nomunye umuntu. Izisulu zaphinde zebelwa amaselula azo."

Umshushisi uKrishen Shah wakhipha ubufakazi bamaselula obahlanganisa uMthembu nalobugebengu.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...