Ugwetshiwe owabulala uyise ngoba engabaliwe emafeni

2017-12-14 11:00

Cape Town - Indoda yaseKapa eyabulala ubaba wayo ngemuva kokuthola ukuthi kayibhaliwe encwadini yefa, igwetshwe iminyaka engu-23 ibhadle ejele.

UJonathan Schapira, waseGrassy Park, ugwetshwe eNkantolo eNkulu yaseKapa ngemuva kokuklinya abulale uyise ngoNovemba 2016.

"Ugwetshelwe icala lokubulala ngenhloso ngemuva kokutholakala kokuthi ubaba wakhe akazange azishonele kodwa waklinywa waze wafa," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk.

OLUNYE DABA:Obenikwe ifa lendlu, uhlabane ngomcebo ka-R52m efika endlini

"UDetective Sergeant Ricardo Goldsmith wathola imininingwane ngokuthi umsolwa wayekuhlelile ukubulala ubaba wakhe ngoba umufi wayezomkhipha encwadini yefa."

Indoda yesibili eneminyaka engu-31 ubudala eyaboshelwa ukubandakanyeka esigamekweni sokubulala ngesonto eledlule yona igcinwe ejele iPollsmoor, eTokai.

Le ndoda ibhekene necala lokubulala kanti ivele enkantolo ngoMsombuluko.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...