Ugwetshiwe owabhokoda uyise ngommese, embulala

2017-03-09 18:00

Bloemfontein - Ugwetshwe iminyaka engu-8 owesilisa odabuka eZimbabwe ngokubulala uyise, kusho amaphoyisa aseFree State esitatimedeni ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Stephen Thakeng uthe uPeter Mabaso wajaha ubaba wakhe ngommese ngomhlaka-15 Okthoba ngonyaka ophelile, wamfica wabe esemgwaza waze washona.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obulale umama wakhe ongamzali

Lo baba wayeneminyaka ebalelwa kweko-50 ubudala, ehlala ePhomolong Village, eWelkom.

UThakeng uthe unkosikazi kaVictor Mabaso yakwazi ukutshengisa amaphoyisa ukuthi bajahane bashona ngakuphi ngesikhathi efika endaweni yesigameko. 

Isisulu satholwa ekhoneni sinenxeba lokugwazwa esifubeni ngasenhliziyweni. Sahlonzwa njengesishonile endaweni yesigameko.

INkantolo yesiFunda yaseWelkom ithole uMabaso enecala lokubulala yamgweba iminyaka engu-8 ebhadle ejele.

Iphinde yamthola engekho esimeni esikahle sokuphatha isibhamu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...