Ugwetshiwe olahlwe elokubulala ehostela laKwaMashu

2018-03-28 12:30

eThekwini -  INkantolo yesiFunda eNtuzuma igwebe owesilisa olahlwe yicala lokubulala.

UKhulekani Ngcobo oneminyaka engu-44 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala.

NgoFebhuwari 2016 uKhumbulani Ngema, 23, watholakala edindilizile egumbini lakhe elisesiGcemeni sakwa-A ehostela laKwaMashu.

Watholakala enamanxeba ambalwa okudutshulwa emzimbeni. Amaphoyisa avula icala lokubulala esiteshini saKwaMashu.

Uphenyo lwalo lwawaholela ekubanjweni kukaNgcobo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe osolwa ngokubamba imoto yemali eLimpopo

Kwesinye isigameko esenzeke eNkantolo yesiFunda eMpangeni, owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-15 ngokudlwengula ingane kadadewabo.

Kuthiwa lokhu kwenzeka ngoSepthemba 2015 endaweni yasePort Dunford Reserve.

"Umsolwa waxosha umshana wakhe endlini, wasala nentombazane eyayineminyaka engu-11 ngaleso sikhathi.

"Wathatha le ntombazanyana wayidlwengulela egunjini lakhe lokulala wabe eseyisabisa ngokuyibulala uma itshela unina," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Yize kunjalo, le ngane yalubika udaba kumama wayo kwase kuvulwa icala emaphoyiseni asesiKhaleni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...