Ugwazwe wabulawa otshele izinsizwa erenki ukuthi azinamali

2016-10-25 10:01

Durban - Umndeni wakwaMyende ushaqekile ngokubulawa kukaMxolisi "Naliti"  Myende ogwazwe erenke ngoMgqibelo.

Kuthiwa uMxolisi ubencokola nenye yezinsizwa erenke yamatekisi eMasosheni eLovu ethi kuyona ayinamali.

Kuthiwa umsolwa owake wasebenza naye umufi khona kule mboni yamatekisi wavele wacasuka ngesikhathi ethi kubona "zinifele la" nokuchaza ukuthia bavalekile abanamali.

Kuthiwa uMxolisi, 27, wacela uxolo kuzo izinsizwa wathi ubedlala ngoba ebona ukuthi ziyafudumala, kubika iSOLEZWE.

OLUNYE UDABA:Umsolwa usola iphoyisa ngokumdlwengula esitokisini

Ukuzehlisa kwakhe akubanga nosizo olutheni ngoba umsolwa wavele wambhokoda ngommese ephindelela.

Obekhona erenki uthe abanye ababemi nabo bazamile ukukhuza umsolwa kodwa wabatshela ukuthi bayabheda bamvumelelani ukuba abadilike kanjena.

Ubabekazi kamufi uZanele Cele,58, uthe umufi ubemanxebanxeba ezingelweni zombili.

"Kuthiwa ngesekhathi esehluleka ukuvika umsolwa uwufake ntshi esifubeni waze wawehlisa efuna ukumklazula.

"Sisashaqekile siwumndeni ngalokhu okwenzekile ukuthi ubengaze ambhokode ngesihluku esinjena emini kwabha kubuka wonke umuntu,
"kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...