Ugwazwe esangweni lesikole umfundi waseSiyanda

2016-10-27 11:30

Sweetwaters - Abafundi besikole samaBanga aphakeme iSiyanda High School endaweni yaseSweetwaters  basathuka izanya  kulandela ukugwazwa komunye wabafundi esangweni lesikole.

UNtokozo Gwala, 16,  obefunda iBanga 10 kuthiwa ugwazwe  owesilisa phandle kwamasango esikole ngehora lesithathu, kubika iSOLEZWE.

Kuthiwa umsolwa wacasulwa indlela uNtokozo ayembuka kangayo kwase kwaba nokuhilizisana phakathi kwabo wagcina esebalekela esikoleni uNtokozo.

UNtokozo kuthiwa wakhonjwa  omunye  umngani kamsolwa wathi ‘nangu lo obumfuna’.

Funda:Usagcwele amathafa umfundi osolwa ngokugwaza uthisha eMnambithi

Wazama ukubaleka uNtokozo, kodwa  umngani kamsolwa ofunda kusona lesi sikole wamukeqa wawa wabe  eseyamgwaza umsolwa. UNtokozo wasizwa omunye  umngani wakhe  owamubalekisa wamufaka ngaphakathi esikoleni esephelelwa amandla.

Othisha babe sebemuphuthumisa emtholampilo KwaMpumuza kodwa wafika washonela  khona  esalinde i-ambulance ezomusa esibhedlela.

“Asinaso isiqiniseko sokuthi babebangani kodwa sazi ukuthi babebanga ukuthi uNtokozo umbukile lomfana  wabe esemsukela wabaleka wangena esikoleni ekuseni.

Ukuphuma kwesikole lomfana wabuya wazolinda  uNtokozo esangweni lesikole ngemuva kwaloko sabona ngoba uNtokozo eselele  phansi esevuza igazi,” kusho omunye wabafundi owayekhona ngesikhathi kuphuma isikole.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...