Ugqunywe esitokisini umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana eThekwini

2017-02-28 09:30

Johannesburg - Umfundisi oneminyaka engu-22 ubudala  wakwaNgcolosi eduzane naseHillcrest osolwa ngecala lokudlwengula umfana oneminyaka engu-8 ubudala uvelile eNkantolo yeMantshi yasePinetown.

Icala lalo mfundisi lihlehlisiwe kanti yena ugqunywe esitokisini. Umndeni wengane uthi lo mfundisi ubehlonishwa kakhulu endaweni.

Kusolwa ukuthi lo mfundisi wayeyolanda lo mfana kubo, kuthe uma efika watshelwa ukuthi akekho uyodlala nabangani bakhe. Kukholakala ukuthi wamlanda lapho waya naye kwakhe.

OLUNYE UDABA: Umfundisi uthi usekhiphe inqwaba yezidumbu

Abazali bomfana bathi batshelwa ezinye izingane ngodaba. Zathi lomfundisi wayelokhu ezithinta thinta waphinda wazicela ukuthi zikhumule izimpahla zazo.

"Bengilokhu ngilubona ushintsho ekuziphatheni kwakhe. Ubekuthanda ukudlala kodwa manje akasakhululekile. Ukhululeka uma ehlezi nami kuphela. Uma sikhuluma ngendlela aseziphatha ngayo uvele anyukubale," kusho umama wesisulu.

Amaphoyisa abophe umsolwa epaki yaseThekwini, iGugu Dlamini Park, eWorksohop. Uvele kafushane enkantolo.

Icala lihlehliselwe umhlaka-8 Mashi ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

 - SABC

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...