UGordhan uvule isifuba nge-SMS eyaholela ekuxoshweni kwakhe

2017-08-04 12:33

Cape Town – UNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, uthi umyalezo we-SMS athunyelelwa wona owawumazisa ukuthi abuye ngokushesha ohambweni oluwuchungechunge eLondon wavalela ngaphandle osomabhizinisi ababalulekile.

 Ekhuluma emcimbini obuseKapa, uGordhan, uthi wayehleli esikhumulweni sezindiza iHeathrow Airport, eLondon,  ngomhlaka-27 kuMashi ngesikhathi aziswa ukuthi kumele anqamule uhambo oluwuchungechunge lokunxenxa abatshalimali bese ebuyela ekhaya ngokushesha.

OLUNYE UDABA: UZuma kumele adedele omunye ukuthi ahole - Gordhan

Ezinsukwini ezimbalwa ezalandela ngomhlaka-30 kuMashi, uMengameli Jacob Zuma wamemezela ukuhlela kabusha kweKhabhinethi okukhulu  nalapho kwasuswa khona ehhovisi loMgcinimafa uGordhan kanye nalawo owayeyiSekela lakhe, uMcebisi Jonas.

Umbiko wokuthi uGordhan kanye noJonas babehlela ukuhlangana nosomabhizinisi baphesheya ukuze bangcolise igaka likaZuma waba yimbangela yokuthi uMengameli agudluze laba bobabili ezikhundleni. Lo mbiko wabuye wachithwa ngokuhamba kwesikhathi.

“Sashiya ngemuva abaholi bamabhizinisi ababili futhi savalela ngaphandle labo baholi,” kusho uGordhan. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...