UGigaba uzokhuluma ngodlame oluqhubekayo eGoli nasePitoli

2017-02-23 09:30

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMalusi Gigaba, kulindeleke ukuba akhulume nabezindaba ePhalamende ngodlame lwakamuva lokuhlaselwa kwabokufika eGoli nasePitoli.

NgoMgqibelo, kwaqubuka udlame ePretoria West, ngesikhathi izakhamuzi zifunga zigomela ngokuqeda izidakamizwa nokuqwayiza endaweni.

Lezi zakhamuzi zagasela emizini ezithi iyizidleke zabaqwayizi nezidakamizwa.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa esokushiswa kwemizi ePretoria

Zazifuna abanikazi bazo bakhiphe abaqwayizi bababuyisele emakhaya.

Kwangqongqiswa imizi emibili esolwa ngokuba yizidleke zabaqwayizi nezidakamizwa.

Emasontweni amabili edlule, kwashiswa imizi engu-10 abanikazi bayo abasolwa ngokudayisa izidakamizwa kanye nokuqhuba amabhizinisi abaqwayizi ngesikhathi kubhikishwa eRossettenville, eGoli.

Izakhamuzi zasola abantu bokufika kuleli abadabuka eNigeria ngokuba ngongqondongqondo kulemi khuba eqhubekayo endaweni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...