Ugcwele amathafa owayewumholi we-ANCYL obhekene nawokubulala intombi

2016-06-01 11:29

Johannesburg – Usagcwele amathafa owayewumholi wophiko lwentsha kwi-ANC usolwa ngelokugqema intombi ize ishone.

Ngokusho kukadadewabo wentombi, lo msolwa ungaphandle ngebheyili ngamacala okushaya intombi yakhe.

Ngokwemibiko ye -The Star uPatrick Wisani angahle abhekane namanya amacala okuphula umthetho wenkantolo ngokubalekela ukuboshwa nokungalandeli imigomo yebheyili.

OLUNYE UDABA:Ingwijikhwebu ngowe-ANCYL owabulawa eMadadeni

Ngesonto eledlule kwakumele avele enkantolo enkulu yasePalm Ridge lapho abashushisi bebehlele ukuba sibuyekezwe isinqumo sokumnika ibheyili.

UWisani wayengusihlalo weANCYL edolobheni ngesikhathi kubulawa intombi yakhe uNosipho Mandleleni ngoMandulo odlule.

Inkantolo isikhiphe incwadi yokuthi aboshwe ngoba wayengasafiki esiteshini samaphoyisa esiseKhutsong lapho

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...