Ugcinwe esitokisini ubaba ojikikele phansi ingane ephezu komjondolo
2018-04-13 09:37
Cape Town-
Ubaba wase-Eastern Cape uzogcinwa esitokisini ngemuva kokujikijela ingane yakhe
phansi, ephezu komjondolo.
Okhulumela
amaphoyisa eButterworth u-Andre Beetge uthi isigameko senzeke ngesikhathi
kudilizwa imijondolo egxunyekwe ngokungemthetho eJoe Slovo kuMasipala waseNelson
Mandela Bay.
Amaphoyisa athi lo baba oneminyaka engu-38 ubudala ugibele phezu
komjondolo ebambe ingane yakhe yentombazane, ngemizamo yokuvimbela ukudilizwa
kwawo.
Iphoyisa
lizamile ukukhuluma naye lo baba phezu kwendlu ngesikhathi amaphoyisa ezama
ukusindisa usana.
"Ubanjwe ngamaphoyisa, wavele wajikijela phansi usana.
Ngenhlanhla lunqakwe yiphoyisa, waboshwa uyise,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain
Andre Beetge.
OLUNYE UDABA: 'Kwangithusa ukuboshwa kukamama ngokubulawa kukababa'
Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanti iMotherwell Cluster
Family Violence Child Protection and Sexual Offences (FCS) unit izokwenza
uphenyo.
Abezenhlalakahle bazoqinisekisa ukuthi ingane ibuyiselwa kunina
oneminyaka engu-35 ubudala, nokulindeleke asebenzane nawo, kusho uBeetge.
Ukhomanda wamaphoyisa eMotherwell uMajor General Dawie Rabie, uncome
amaphoyisa ngokusindisa ingane.
"Kuyethusa ukuthi ubaba
angazama ukunikela ngengane yakhe ngenxa nje yomjondolo obekwe ngokungemthetho,"
esho.
"Uzobhekana nengane
yomthetho ngesenzo sakhe.”
- News24