Ufuna ukunxeshezelwa ngemali eshisiwe othi waboshelwa ubala

2016-08-11 11:31

Durban – Owesilisa waseMdletsheni, eHluhluwe, KwaZulu-Natal, uthi ufuna uMnyango wamaPhoyisa umnxephezele ngo-R15 million ngokuhlala ejele ngecala angalazi.

UKhulekani Manqele, 36, uthi waboshwa esebenza njengonogada echwebeni eliseThekwini.

“Ngabona ngamaphoyisa esezongibopha ethi ngidlwengule umlungu waseNorway owayevakashile echwebeni ehamba nabanye, ngaphinde ngambamba inkunzi.

OLUNYE UDABA: Bazonxeshezelwa ngezizumbulu ababoshelwa ubala e-KZN

“Kwangixaka-ke lokho ngoba angizange ngibabone ngisho labo belungu okwakukhulunywa ngabo,” esho.

UManqele uthi waboshwa ngo-2010, wahlala ejele izinyanga ezingu-9 inkantolo ilokhu imnqabela ibheyili.

“Ngaze ngadedelwa ngo-2011 ngemuva kokuhoxiswa kwecala ngenxa yokushoda kobufakazi obungiyamanisa naleli cala,” esho.

Udaba oluphelele lusephephandabeni iLANGA.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...