Ufuna ubulungiswa umndeni wengane eyashonela ethoyilethi lomgodi

2017-11-13 09:30

Polokwane - Wayeneminyaka emihlanu ubudala uMichael Komape, ngesikhathi eminza ethoyilethi lomgodi esikoleni samabanga aphansi iMahlodumela eChebeng Village ngaphandle kwasePolokwane, ngomhlaka-20 Januwari 2014.

Lolu daba olushaqisayo lwasabalala umhlaba wonke, lwaphakamisa nemibuzo ngokungamelwa komnyango wezemfundo eLimpopo.

OLUNYE UDABA:Udado utholakale ethoyilethi lomgodi

IGroundUp ibike ngoMsombuluko ukuthi iNkantolo eNkulu yaseLimpopo ePolokwane izoqala ukulalela okufunwa wumndeni kaMicheal kwaboMnyango wezeMfundo eyisiSekelo noMnyango wezeMfundo eLimpopo.

Icala kulindeleke ukuba lithethwe emasontweni amathathu. 

Umndeni umelwe yisigaba uSection 7.

Abazali bakaMicheal uJames noRosina Komape, basalukhumbula kahle usuku ingane yabo eyadlula ngalo, kodwa bamanqika ukukhuluma ngemininingwane ngoba izoba yingxenye yecala labo uma sebebhekene nombuso.

Kuyacaca ukuthi umndeni namanje usashaqekile ngokushona kwengane yawo.

Ngomhlaka-20 Januwari 2014 uMichael wawela ethoyilethi lomgodi esikoleni samabanga aphansi iMahlodumela waminza kwindle.

Kwaphela amahora ambalwa ngaphambi kokuba abezicishamlilo bakwazi ukumtakula.

La mathoyilethi abe esebhidlizwa ngalo usuku lwesigameko, kwaphela amasonto ambalwa kwakhiwa amathoyilethi amasha kulesi sikole.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...