Ufuna ilobolo ogilwe yingoduso

2017-05-15 12:32

Durban - Uvutha engabaselwe owesilisa waseGomane eMpendle, maphakathi neKwaZulu-Natal, ofuna kuphalazwe ilobolo lakhe emuva kokugqashuka kobudlelwane phakathi kwakhe nowesifazane obeyingoduso yakhe.

UMtholephi  Ndlela, 32, ongathi nsi, uthi ufuna abakubo kaZilingene Constance Mhlongo, 33, abesemlobolile, bambuyisele izinkomo zakhe njengoba indodakazi yabo isize yamfaka enkantolo ithi uyayihlukumeza.

Uthi uMhlongo umsola ngokuthi uyamhlukumeza. Uthi uhlangane noZilingene Mhlongo eminyakeni eyishumi edlule baze bathola umntwana okumanje uneminyaka eyishumi ubudala.

Uthi konke bekuhamba kahle phakathi kwabo njengoba kuze kwathi ngo-2014 waya ekhweni wafike wazishaya zonke.

Besekusele ukuba kubekwe usuku lomshado, ngokusho kukaNdlela.

Utshele ILANGA ukuthi izinkinga ziqale ngesikhathi uMhlongo ethola umsebenzi. Ubezitshela ukuthi zizodlula.

“Into esixabanise kakhulu ukuthi ngike ngaya kubo kukhona ebesiyokulungisa, sixoxile ngabe sengibuyela ekhaya ngilungiselela ukubuyela eThekwini lapho ngisebenza khona.

“Ushaye ucingo ekhaya wabuza udadewethu ukuthi sengifikile yini. Kungixakile lokho ngabe sengimshayela ucingo ngifuna ukuzwa ukuthi ubethini. Ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa ngaze ngabona kungcono ngiphindele kubo ngakusasa ngoba bengizitshela ukuthi kukhona okubi okumuvelele.

"Ngifike kubo engasabonwa. Kuthe ngibuza umkhwekazi ukuthi uyephi, naye wamlandula, wathi uhambe ngayizolo. Ngiqale lapho-ke ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi kodwa ngafela ngaphakathi. Ngithuke kwaphela nasozwaneni sengithola incwadi yesivimbezelo ebiphuma enkantolo, ingitshela ukuthi kangivumelekile ukusondela kuyena ngoba ngiyamhlukumeza.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owayelingisa kuGenerations

“Ngitshelwe ukuthi sekuphele iminyaka emibili wangala kodwa ngiyaqhubeka nokumhlupha. Ngixakekile ngoba bengingazi ukuthi wangala kodwa besinezinkinga njengabo bonke abantu abasebudlelwaneni,” kusho uNdlela.

Utshele ILANGA ukuthi ubikele umndeni kwayiwa kwaMhlongo eyofuna isixazululo, kwavunyelwana ngokuthi abuyiswe amalobolo.

UNdleba uthi uzifuna zonke izinkomo azikhipha kwaMhongo ngoba kuyacaca ukuthi obeyingoduso yakhe useqhubekile nempilo yakhe.

UMhlongo walile ukuphawula ngalolu daba ethintwa yiphephendaba.

UDkt Velaphi ‘VVO’ Mkhize, oyisazi samasiko, uthi uma umuntu ekhipha ilobolo kusuke kungasho ukuthi uyamthenga owesifazane.

Uthi okungenziwa kulolu daba ukuthi abakubo kowesifazane bayohlawula emzini ngokubathela ngehlazo, kanti inhlawulo iyoncika ekutheni abasemzini bafuna ukugezwa ngani.

UDkt Mkhize uthi ayikho indaba yokubuyela emuva kwamalobolo ephelele.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...