Ufakwe amasondo umsakazi obize uMengameli Zuma ‘ngomkhovu’

2017-07-04 07:08

Durban – Umsakazeli womphakathi i-SABC isinqume ukudabula inkontileka yomsakazi weLotus FM radio, uRavi Govender, ngemuva kokubiza uMengameli Jacob Zuma ngomkhovu, kuqinisekisa i-SABC ngoMsombuluko.

“Ngingaqinisekisa ukuthi inkontileka yakhe idatshuliwe,” kusho okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago.

UKganyago uthe uGovender uzoyeka ukusakaza kuLotus FM. Kganyago ngokushesha wanezela ngokuthi bakhathazekile ngokuthi uGovender ufake i-SABC ehlazweni.

UGovender ubeshayela uhlelo oluthandwa kakhulu iVinyl Countdown njalo ngoLwesihlanu phakathi kuka-19:00 no-21:00, ngokubeka kwe-website yeLotus FM.

UGovender, kanjalo nemenenja yesiteshi u-Alvin Pillay, banqabile ukuphawula.

OLUNYE UDABA: Ngibize uZuma ‘ngomkhovu ‘ngoba ngicasukile – Umsakazi

UGovender ubize uZuma “ngomkhovu” ekhasini lakhe likaFacebook. Lo msakazi uke watshela iNews24 ngaphambilini ukuthi lokhu kuphawula ukwenze egajwe yintukuthelo.

Ubhale kanje kuFacebook kulandela ukuvulwa kwenkomfa ye-ANC eqhubeka eNasrec Expo Centre, eGoli.

"Engikubhale kuFacebook ngikulobe ngisathukuthele. Bekungafanele. Ngesikhathi ethula inkulumo umengameli bekungathi ufile kimi, engatshengisi muzwa nje,” kuphawula uGovender ngaphambilini.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...