Udutshulwe washona obethutha umanyolo e-KZN

2017-05-02 14:00

Durban - Umshayeli weloli udutshulwe wabulawa ngamadoda amathathu abezenza abantu abebecela ukugitsheliswa endaweni yaseMfekayi, KwaZulu-Natal, kubika iZululand Observer.

Kuzwakale ukuthi uHarry Bhengu, osebenzela inkampani iCepaki Warehouse, ubethutha umanyolo esuka oPhongolo ebheke eRichards Bay kanti umele amadoda amathathu emgwaqeni ewagibelisa eMfekayi, endleleni la madoda ase eyamjikela ayamhlasela.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umshayeli weloli eMgungundlovu

Ngokusho kozibonele isigameko, ubone iloli iphuma emgwaqeni iyongena ehlathini. Ngeskhathi isima kuphume amadoda amathathu abaleka ayongena ehlathini.

Ngesikhathoi esesondela eduzane, ufike wabona umshayeli weloli eseshonile, ikhanda lilele phezu kwesitelingi.

Amaphoyisa aseMtubatuba acela lowo onolwazi ngesigameko ukuba athinte uDetective EM Kubheka ku-072 190 5696.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...