Udutshulwe wabulwawa oweqe esitokisini eLimpopo

2018-02-20 12:30

eLimpopo - Owesilisa obefunwa amaphoyisa udutshulwe wabulawa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa esenzeke eTubatse ngaphandle kwaseBurgersfort, eLimpopo.

Lesi sigameko siqale ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wabasolwa abeqe esitokisini. Laba basolwa babonwe ngamaphoyisa emalokishini amabili ehlukene.

Okhululmela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe ngesikhathi abasolwa sebevinjezelwe ngamaphoyisa, bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise ngakuwona.

Amaphoyisa nawo aphendule ngenhlamvu adubula abulala umsolwa oyedwa.

Umsolwa wesibili uZandile Lebambo, udutshulwe umlenze ethi ubalekela ukuboshwa ngesikhathi ebanjwa enza umcimbi wesintu.

OLUNYE UDABA:Akukaboshwa muntu ngowadutshulwa emngcwabeni ngoMgqibelo

Amaphoyisa athi ezwe umsindo omkhulu ophuma esitokisini, athi uma eyohlola, athola ukuthi kweqe iziboshwa ezintathu eziphume ngophahla lwegumbi lokuphumula.

Amaphoyisa asathungatha isiboshwa sesithathu, okunguTumelo Kgoedi.

Uma kukhona onolwazi ngaye nokuthi angatholakala kuphi, angaxhumana namaphoyisa aseTubatse ku-013 2168 500.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...