Udokotela wasePitoli utholakale eshonile ngosuku lwakhe lokuzalwa

2018-01-19 14:07

eGoli - Udokotela ozinze eCenturion utholakale eshonile ekhaya lakhe eliseWierda Park ngoLwesine ekuseni, kubika iCenturion Rekord.

Isidumbu sikaDkt. Johan Gebhart sitholakale ngosuku lwakhe lokuzalwa lapho abezohlanganisa khona iminyaka engu-32.

Lo dokotela kanye nabafowabo bebelawula ibhizinisi lomndeni iCritical Life Assist, nokuyinkampani enikezela ngoziso lokuqala lwama-ambulensi eCenturion.

Umfowabo uHein, uthe izindaba zokushona kukamfowabo zibashaqe kakhulu kanti okwamanje bebengakakwazi ukuthola ukuthi ubulawe yini.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umshayeli wetekisi obethwele izingane zesikole ezingu-39, edakiwe

"Ngeke sikwazi ukuqaqula imbangela yokushona kwakhe, kodwa okwamanje kobonakala sengathi yisimo sezempilo,"kusho yena.

Uthi umfowabo ubengumuntu onothando futhi ehlonishwa kakhulu ngomsebenzi wakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...