Udlulise ukuxolisa kubalandeli be-NFP u-VZ

2017-03-19 08:17

Durban - Umengameli weNational Freedom Party, uZanele Magwaza-Msibi, udlulise ukuxolisa kubalandeli beqembu lakhe ngokungabi yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya ngo-Agasti 2016.

Uthi wenza iphutha ngokwethemba abanye bozakwabo abezenzele phansi iqembu.

UMagwaza-Msibi unxuse abaholi be-NFP ukuba bahlangane nabalandeli kanye namavolontiya ngenhloso yokuqinisa iqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2019.

Abalandeli bamukele umholi wabo ofike kungalindele muntu eralini yeqembu ebiseHarding, KwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: UMvikeli woMphakathi uzophenya ngodaba lakwa-Sassa 

UMagwaza-Msibi ubehola umkhankaso we-NFP emalungiselweni okhetho lokuchibiyela oluzoba ngoMashi nango-Ephreli eHarding nasoPhongolo.

UMagwaza-Msibi sekunesikhathi engabonakali ngenxa yesimo sempilo yakhe esingesihle.

Indodakazi kaMagwaza-Msibi, uGugu Gumede, iyona ebimkhulumela.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...