UDlamini-Zuma uthi unkosikazi kaRobert Mugabe kumele abhekane nengalo yomthetho

2017-08-18 07:00

Durban - OwayenguSihlalo we-African Union Commission uNkosazana Dlamini-Zuma uphawule wathi unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe kumele abhekane nengalo yomthetho.

UDlamini-Zuma usho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ethula incwadi yakhe ngoLwesine.

UDlamini-Zuma uthe abantu besimame banawo amandla okuba ngabaholi kanti futhi ukungaziphathi kahle komuntu wesimame oyedwa akumele kwehlise isithunzi sabo bonke abantu besimame.

OLUNYE UDABA:UMbalula uthi amaphoyisa amqaphe ngeso lokhozi uGrace Mugabe emingceleni

NgoLwesine, inhlangano i-AfriForum iveze ukuthi izokweseka iphinde imele uGabriella Engels, othi wahlaselwa washaywa nguGrace Mugabe.

UGerrie Nel ongumshushisi omele lo wesimame, uveze ukuthi abazukumkhokhisa ngezinsiza abazomnika zona futhi bazoqinisekisa ukuthi yena nomndeni wakhe bathola usizo lokwelulekwa ngokwengqondo.

Uthi lolu daba lusematheni kakhulu kanti lokhu kuwukhungatha kakhulu lo mndeni njengoba namaphoyisa engawubikeli ngokuthi kuqhubekani ngecala.

Yize kunjalo uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFikile Mbalula, ngoLwesine uthe amaphoyisa aseqaphe ngeso lokhozi emingceleni yaseNingizimu Afrika unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uma kwenzeka ezama ukubaleka kuleli.

Ekhuluma eceleni lapho bekuqhubeka khona ingqugquthela ngodlame olubhekiswe kwabesifazane, uMbalula uthe sekuthathwe izinyathelo zokuqapha emingceleni yezwe, kodwa-ke, ubengakayenzi imizamo yokuthi ahambe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...