UDlamini-Zuma uselahlekelwe amavoti e-PEC yase-KZN

2017-12-15 14:02

Pietermaritzburg – INkantolo eNkulu KwaZulu-Natal, eseMgungundlovu, inikeze i-PEC ye-ANC, eholwa nguSihle Zikalala, imvume yokudlulisa isinqumo senkantolo.

IJaji uRishi Seegobin uthe lesi sicelo kumele silalelwe ngoLwesihlanu ukuze izithunywa zesifundazwe zizokwazi ukuvota engqungqutheleni kazwelonke yokuqokwa kobuholi ngempelasonto.

Amalungu e-ANC ayengenelisekanga afaka isicelo sokuphikisa imiphumela yenkomfa yokuqokwa kobuholi besifundazwe ka-2015, ase ephuma phambili enkantolo.

I-PEC yaveza ukuthi kayihambisani nesinqumo senkantolo yase ifaka isicelo sokusidlulisa.

ULawrence Dube namanye amalungu amane bafaka i-ANC enkantolo ngoMeyi wonyaka owedlule.

Babemelene nemiphumela yenkomfa okwaphuma kuyo phambili uZikalala wabe esengena ezicathulweni zikaSenzo Mchunu njengoSihlalo.

OLUNYE UDABA: Sizodlulela phambili uma sihluleka eNkantolo eNkulu - ANC e-KZN

Ikhomishini kaMoerane ephenya ngezigameko zokubulala ezihlobene nezepolitiki ilalele ubufakazi babantu abaningi obukhomba ukuqembuka njengayona mbangela enkulu yokubulawa kwabantu.

Kule nkomfa uZikalala wathola amavoti angu-780 kwathi uMchunu yena wathola angu-675.

Ngemuva kwale nkomfa kanjalo nokuxoshwa kukaMchunu, amalungu ayengagculisekile, okukholakala ukuthi angabalandeli bakhe, afaka izicelo enkantolo efuna le nkomfa ithathwe njengengekho emthethweni ngoba babekholelwa ukuthi kwakhwatshaniswa amavoti.

Isinqumo senkantolo sangoLwesihlanu sisho ukuthi i-PEC yase-KZN ngeke ikwazi ukuvota engqungqutheleni ngempelasonto.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...