Udilikajele kwababulala ilungu lestokfela

2017-06-13 07:01

Durban - INkantolo eNkulu yaseMthunzini igwebe amadoda amabili, uMduduzi Luthuli, 35, noSimiso Ndebele, 32, odilikajele ecaleni lokubulala neminyaka engu-15 ebhadle ejele ngokuphanga kulandela ukuhlasela abantu ababebala imali yestokfela.

UMduduzi Luthuili uphinde wagixabezwa ngeminyaka engu-10 ejele ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye neminyaka emibili ngezinhlamvu zesibhamu ezingekho emthethweni.

Isigameko senzeka endaweni yaseZimangweni eduzane nakwaNongoma, KwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA:OKlebe baqinisekise uphenyo oluqhubekayo nge-MMM

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe ngomhlaka-5 Disemba 2015, ngezithuba zabo-08:30, amalungu estokfelal angu-7 ayesemzini othile ebala imali ngesikhathi kufika abasolwa ababili behlome ngezibhamu.

Isisulu, uThoko Dorack Hlatshwayo, 57, wadutshulwa wabulawa, abasolwa babaleka nemali engu-R78 000.

UMbhele uthe amalungu omphakathi abajaha abasolwa, eyodwa wabasolwa wabanjwa kwanikelwa ngaye emaphoyiseni.

Amaphoyisa alandela imikhondo, umsolwa wesibili waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke isigameko. Lo msolwa watholwa nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Bobabili abasolwa bathweswa icala lokubulala, ukuphanga kanye necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kuLuthuli, kusho uMbhele.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa Kwazulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, lamukele isigwebo lashayela ihlombe abaseshi ngomsebenzi wabo abawenze kuleli cala.

 
 - The Mercury

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...