Udilikajele kowadlwengula indodakazi angayizali

2017-06-23 06:59

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseNigel namuhla (ngoLwesithathu) igwebe udilikajele indoda eneminyaka engu-38 ubudala ngokudlwengula indodakazi yayo engayizali eneminyaka engu-12 ubudala.

Le ndoda kuphinde kwatholakala ukuthi ayikho sesimeni sokuphatha isibhamu kanti futhi izobhaliswa emabhukwini abantu abalahlwa amacala ocansi.

Ngokusho kukaCaptain Johannes Ramphora, ngezithuba zabo-21:00 ngomhlaka-28 Ephreli 2016, uModikela Mokoena, waphoqa ukulala nendodakazi yakhe angayizali ngesikhathi unina wayo engekho ekhaya, eDuduza, eSprings.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kubaba owadlwengula indodakazi iminyaka engu-8

Ngesikhathi umama wengane esebuya wafica indodakazi yakhe nomyeni wakhe besegumbini lokulala, ngaleso sikhathi umsolwa edlwengula ingane.

UMokoena wabe esebona unkosikazi wakhe ngemuva kokuba evule umnyango, wagxuma embhedeni, wagqoka ngokushesha, waphuma waya kwelinye igumbi.

URamphora uthe umsolwa wabe esesabisa umama nengane, wathi angalubiki emaphoyiseni udaba.

Umama wengane wabiza omakhelwane, washayela namaphoyisa ucingo.

UMokoena waboshwa, wavela eNkantolo yeMantshi yaseNigel, eSprings, ngomhlaka-29 Ephreli eyofaka isicelo sebheyili kodwa wanqatshelwa.

URamphora uthe ujabulile ngesigwebo.

 - ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala e-PE

Emizuzwini eyi-36 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...