Udedelwe ngoshwele ushayasibhamu oyamaniswa noKhongolose

2017-12-19 09:31

eThekwini - Ngemuva kokukhishwa ngoshwele, lo shayasibhamu oyamaniswa ne-ANC kanye nezikhulu zamajele kwaZulu-Natal uphume ejele wahanjiswa olwandle lapho afike ageza khona ngaphambi kokuya emzini wakhe omusha osePietermaritzburg.

Lo shayasibhamu onguRussell Ngubo, kuthiwa ubephela kamnandi ejele etotoswa kanti kukholakala ukuthi kuke kwaba nezigameko ezimbili lapho ake ahlasela khona ojele, usanda kukhishwa ejele laseWestville ngemuva kokudonsa iminyaka engu-12 ngamacala amabili okubulala enzeka ngo1995.

UNgubo owayengusihlalo wegatsha le-ANC futhi eyisekela lomqondisi eNew Prison wagwetshwa ngo-2005 ngamacala okubulala umholi we-IFP uNash Ngubane‚ eMpendle‚ ngo-1995‚ kanye nomlandeli we-IFP u-Amon Mshengu ngawo lowo nyaka.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu 'kuphakanyiswa inombolo' ejele

Ngaphambi kokuba akhishwe ngokusemthethweni ejele, uNgubo uqale olwandle ukuyogeza ibhadi lokuhlala ejele.

“Uhanjiswe olwandle yithimba lezimo eziphuthumayo ngoMsombuluko ekuseni ngo-9. Wase ebuyisele emahhovisi asejele ukuyogcwalisa amafomu okuphuma kwakhe ngaphambi kokuhanjiswa emzini wakhe omusha lapho abelindwe khona wumakoti wakhe wokuqala.

Akazange alale kulo muzi ngoba ucele ukuba ayolala ekhaya elikhulu eMpendle njengoba ezokwenza umsebenzi wesintu,”kusho ujele otshele abeTimesLive.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...