'Udedelwe ngoshwele uJub Jub'

2017-01-05 11:32

Johannesburg – Isihlabani somculo weHip hop uMolemo "Jub Jub" Maarohanye kanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala banikwe ushwele, kusho uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo ngoLwesine.

“UMnyango…ungakuqinisekisa ukuthi unikwe ushwele uKatlego Molemo Maarohanye noThemba Shabalala ngemuva kokugunyazwa yiCorrectional Supervision and Parole Boards (CSPBs) kanti bazodedelwa ngomhlaka 5 Januwari 2017,” kusho okhulumela uMnyango uSingabakho Nxumalo esitatimendeni.

Laba ngo-Okthoba 16, 2012 balahlwa yicala lokubulala, ukuzama ukubulala nokushayela bedle izidakamizwa kanye nokuhubhana ngezimoto emgwaqeni womphakathi.

OLUNYE UDABA: Uphumelele ngamalengiso owalahlwa nguyise

UMaarohanye noTshabalala bashayisa izingane zesikole ngezimoto zabo zohlobo lwe-Mini Cooper eProtea North, eSoweto, ngoMashi 8, 2010 bedlala ngezimoto.

Ngo-Okthoba 2014, isinqumo senkantolo eyabathola benecala lokubulala saguqulwa kwaba ngesokubulala ngokungenhloso.

Ngaleso sikhathi isigwebo sabo sehliselwa eminyakeni eyishumi balelengiselwa ngeminyaka emibili.

“Bazoqhubeka nezigwebo zabo ngokuthi benze imisebenzi yomphakathi.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...