Udedelwe ngebheyili umlimi 'onefemu' lensangu

2017-09-22 14:01

eRichmond - Uphiko loKlebe olusebenza ngobugebengu obuhleliwe eMgungundlovu luphume umkhankaso endaweni yaseBryne Village, eRichmond.

Kulo mkhankaso, oKlebe bafike kwelinye lamapulazi akule ndawo lapho kuzwakale khona ukuthi kunefemu elikhiqiza insangu.

Ngesikhathi kuhlolwa leli pulazi, oKlebe bathole inqwaba yezitshalo zensangu, wuketshezi lwesidakamizwa i-LSD kanye nensangu yohlobo lwe-hashish..

Kuthiwa lezi zidakamizwa ngezenani lika-R260 000.

OLUNYE UDABA:Abalimi bacele insangu kungqongqoshe

Amaphoyisa ashaqe konke namathulizi abesetshenziswa kanye nomlimi uRussell Galbirght, 46.

UGalbirght ubhekene necala lokushushumbisa insangu.

Lo mlimi uvele phambi kweNkantolo kaMantshi eXobho ngoLwesine lapho adedelwe khona ngebheyili ka-R1 000 futhi icala lahlehliselwa umhlaka-19 Okthoba 2017.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...