Udedelwe ngebheyili umfana wesikole 'owabulala' omunye e-KZN

2018-04-16 14:04

Durban - Ungaphandle ngebheyili umfundi osolwa ngokubulala omunye umfundi emasontweni amathathu edlule ngaphandle kwamasangio esikole Umphezeni High eShowe KwaZulu-Natal, kubika iZululand Observer.

UThembinkosi Biyela, 18, owayehlome ngommese ngesikhathi sesigameko udedelwe ngebheyili ka-R1 000 ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseNkanyezi, eMbongolwane.

OLUNYE UDABA:Umfundi, 15, ugwaze omunye ngo-okapi

UBiyela wathweswa icala lokubulala uLungelo Christopher Mfeka obenza uGrade 12 esikoleni ngemuva kokumgwaza esifubeni kulandela ingxabano ngezithuba zabo-15:30 ngaphandle kwamasango esikole.

Isizathu sengxabano namanje asikaziwa, kodwa amaphoyisa asola ukuthi ihlobene nodlame lwezigodi.

UBiyela uzobuyela enkantolo ngomhlaka-25 Ephreli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...