Udedelwe ngebheyili uDJ osolwa ngokushaya unkosikazi ngespanela

2017-10-04 18:01

Tembisa - Uvelile eNkntolo yeMantshi yaseTembisa namuhla uKhombela "DJ Khomza" Nhleko ngecala lokuzama ukubulala, ukushaya nokucekela phansi impahla.

Lo DJ udedelwe ngebheyili ka-R2 000.

Icala lihlehliselwe umhlaka-7 Novemba esevela okwesibili ngamacala abheke nawo.

OLUNYE UDABA:Usenkantolo uDJ owabonakala eshaya umkakhe ngespanela

Lo DJ wabekwa icala kulandela ukuboshwa ngemuva kwe-video eyazungeza ezinkundeni zokuxhumana itshengisa uNhleko eshaya unkosikazi wakhe, uThuli Nkosi, emotweni ngesipanela ngesikhathi ezama ukuzifihla ikhanda lakhe elalopha.

Isigameko senzeka egaraji eliku-R21 uma ubheke ePitoli.

Owesifazane ohlonzwe ngelikaThandeka Ndlovu, nguye owaqopha i-video ezama nokulekelela uNkosi.

UNdlovu, ngemuva kwesikhashana wabe esesabalalisa izithombe zesigameko. Kwathi kusenjalo uNhleko wabhala enkundleni yezokuxhumana uFacebook exolisa ngesenzo sakhe.

UNkosi usethuthile emzini abeqashe kuwo noNhleko. UNhleko uxwayisiwe ngokuxhumana nommangali nanoma yingayiphi indlela.

Ngokwemibandela yebheyili, kufanele ayovela kabili ngesonto eNkantolo yeMantshi yaseTembisa.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...