Udedelwe ngebheyili osolwa ngetulo lokubulala umyeni

2018-03-13 16:01

Johannesburg - Owesifazane nalowo okusolakala ukuthi uyisoka lakhe bavelile enkantolo ngoMsombuluko ngokwakha uzungu lokubulala umyeni wakhe, kubika iLowveld.

URobert Henry Jacobs, 55, no-Elsie Burger, 41, bavele eNkantolo yesiFunda eNelspruit beyofaka isicelo sebheyili.

Laba bobabili baboshwe ngoMsombuluko ekuseni kulandela uphenyo olunzulu lophiko lwamaphoyisa oKlebe.

OLUNYE UDABA:Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokwakha itulo lokubulala umyeni

OwoKlebe, uCaptain Dieno Sekgotodi, uthe umuntu osolwa ngokuba yinkabi ubatshele ukuthi wanikezwa isamba semali esingadalulwanga ukuba abulale umyeni ka-Elsie, owayengusomabhizinisi nomlimi owaziwayo, uPieter Burger.

Umshushisi u-Oupa Ndlovu, uthe uMbuso awusiphikisi isicelo sebheyili esinombandela wokuba babike njalo kubaseshi becala uma bephuma esifundazweni. Omunye umbandela owokuba bangazami ukuxhumana noma ukusabisa ofakazi.

Ummeli wabasolwa uCoert Jordaan unxuse ukuba laba bobabili badedelwe ngebheyili ngoba bazinikela emaphoyiseni ngemuva kokuzwa ukuthi sekukhishwe incwadi egunyaza ukuba baboshwe futhi abakaze batholakale benecala ngaphambilini.

Abasolwa badedelwe ngebheyili ka-R1 500 umuntu ngamunye, icala lahlehlela umhlaka-2 Meyi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...