Udedelwe ngebheyili ka-R500 owatholakala nenqaba yama-ARVs

2017-09-06 09:30

Mahikeng – Owayesebenza esibhedlela, obhekene necala lokutholakala nemishanguzo ye-HIV (ARVs) angabiza u-R63 000, udedelwe ngebheyili ka-R500 yiNkantolo kaMantshi ePotchefstroom ngoLwesibili.

USkori James Lewane, 54, uboshwe ngeSonto ngemuva kokuba iziphathimandla zimthole endlini epakisha ama-ARVs. Watholakala namaphilisi angu-2 262.

Lawa maphilisi asetshenziselwa ukunqanda ukubhebhetheka kwe-HIV.

OKlebe eNorth West bathe umsolwa umsebenzi wakhe kwakungukuhlinzeka ngosizo lokuqala esibhedlela sasePotchefstroom.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zebe isidumbu sekhanda emathuneni

UCaptain Tlangelani Rikhotso uthe bathatha isinyathelo sokuya kulo muzi ngemuva kokuthola imininingwane ngowesilisa odayisa ama-ARVs elokishini lase-Ikageng.

Esitatimendeni, uMajor General Linda Mbana, oyinhloko yoKlebe esifundazweni, uxwayise izisebenzi ngokuxhaphaza amandla azo, wagxeka ukwebiwa kwamaphilisi okumele ngabe asiza abagulayo.

ULewane kulindeleke abuyele eNkantolo ksaMantshi ePotchefstroom ngoSepthemba 8.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...